Ukhozi FM umsakazo wakho owuthandayo ubungaza iminyaka engamashumi ayisithupha nantathu.
Kulonyaka Sinyus’amagiya ngesizumbulu esingango-R126 000!!! .
Njalo ngoLwesihlanu kusukela mhlaka 9 kuNhlangulana kuya ku mhlaka-02 kuNcwaba 2023, ungaziwinela imali engango R6 300 njengoba sibungaza amaqhawe enza umehluko nsuku zonke emiphakathini yethu.
Ingabe likhona ilunga lomphakathi wangakini olaziyo elisebenzela umphakathi ngokuzikhandla? Sazise kafushane ngokuthumela umlayezo othi '#UkhoziFM63' ushiye isikhala ebese ubhala igama nesbongo Kanye nomsebenzi eliwenzayo kulenombolo-33665. Ngokwenzenjalo ungazibeka ethubeni loku wina u R6 300.00 wama Randi kanye nesipho esihle kakhulu sengqephu Ushuni WoKhozi FM esivela kwa-JAM Clothing Store.
Ngalo mncintiswano we #UkhoziFM63, Ukhozi FM lwelula isandla kumaqhawe enza okuhle emphakathini. Iqhawe elizodla umhlanganiso kulomncintiswano lizoziwinela imali engango R63 000.00 ezosiza ekuqhubekeni nomsebenzi walo omuhle.
#UkhoziFM63 - Luhamba Phambili
Isms Ibiza uR1.50, ungathumela noma ikangaki
Ama SMS amahhala awasebenzi
Kunemigomo nemibandela
Imininingwane ephelele iyatholakala ku www.ukhozifm.co.za