Multimedia

Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo - Sbonelo Mbatha (PetroCONNECT)

Date: Jul 5, 2022

USbonelo ulanda kabanzi ngomthelela wokunyuka kwamanani apethiloli kubo njengoba bengabanikazi bamagaraji, nokuthi ukunyuka kukaphethiloli kubalimaza kangakanani.

Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo othole ithuba lokuba nengxoxo nomunye wabasunguli be-PetroCONNECT uSbonelo Mbatha. Kule ngxoxo bakhuluma ngemboni ka-phethiloli, uSbonelo ongomunye wabanye abanamagaraji adayisa uphethiloli. Usilandisa ngezinhlelo abanazo zokulwa nokungasebenzi kwabantu eNingizimu Afrika, banohlelo lapho beqeqesha abantu ukuze bekwazi ukusebenza egaraji.

Uchaza kabanzi ngezizathu ezidala ukubiza kwamanani ka-phethiloli kanye nezintela ezahlukahlukene ezifakiwe kwimali ya-phethiloli. Lapho okubalwa khona uHulumeni okulinganiselwa kwinani elingaphezu kuka-40% alithathayo, enye ingxenye eya ngaphansi kwe-RAF (Road Accident Fund) kanye nama fuel levies.  

USbonelo ulanda kabanzi ngomthelela wokunyuka kwamanani apethiloli kubo njengoba bengabanikazi bamagaraji, nokuthi ukunyuka kukaphethiloli kubalimaza kangakanani.

Noma bukhona ububi bokunyuka kukaphethiloli, uphinde asichazele ngobuhle bakho. Njengokuthi iNingizimu Afrika inesinqalasizinda encono ngenxa yengxenye yemali ecashunwa kweyaphethiloli.  

Usichazela nembangela eyenza uphethiloli uma unyuka, unyuke kakhulu kodwa uma wehla, wehle kancane. Thola kabanzi ngalokhu ngokubukela le video.

#UkhoziFMTV #UkhoziFM #SAPetrol

Comments

comments powered by Disqus

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...
Complementary Content
CLOSE

Your Name:*

Your Email:*

Your Message:*

Enter Captcha:*