Ukhozi FM lubambisene neHollywood Foundation ngomhlaka 10 ku-Mfumfu 2023, bebevakashele i-KZN Children's Hospital ukubungaza iWorld Mental Health Day.
Ukhozi FM kanye neHollywood Foundation babungaze lolusuku olukhulu lokuqwashisa ngezifo ezihlasela umqondo umhlaba wonke ngokuba yingxenye yomcimbi wokuvulwa kabusha kwesibhedlela sezingane i-KZN Children Hospital.
Konke lokhu kwenzeka ngenxa ye Hollywood Foundation enikele ngemali engango-R10 Million ukuthi lesibhedlela siphinde sime futhi sisize labo abadinga usizo.
#UkhoziFMTV #HollywoodFoundation #WorldMentalHealthDay