UKhozi FM TV noNeliswa Cele, sithole ithuba lokuba nengxoxo no Siboniso Mtshali ongumeluleki wezezimali (financial advisor). USiboniso usichazela kancono ngokumele ukunake uma ufuna noma uthenga indlu. Njengokubheka indawo la eyakhiwe khona ukuthi ngabe isondelene yini nezitolo noma izikole, ubheke nokuthi ngabe akunethi uma kuna imvula nokuthi umpopi namawindi kusesimeni esifanele.
Usilandisa kabanzi nge Finance Linked Individual Subsidy Programme (FLISP) okuyisaphulelomali ongasithola uma ufisa ukuthenga indawo noma indlu, ungakwazi ukusithola uma uhola imali engango R3 501-R22 000. Ukuzeusithole lesisaphulelo mali udinga incwadi ekuvumelayo ephuma eBhange.
Usichazela ngokuthi uyakwazi ukuhlukanisa imali oyikhokhayo ngenyanga, enye uyikhokhe phakathi nenyanga, esalayo uyikhokhe uma kuphela inyanga, lokhu kuyasiza ekwehliseni intshisekelo.
USiboniso uyakhuthaza ukuthi uma usaqala ukusebenza iCredit score yakho isayinhle, utshale imali yakho kumuzi.
Ngabe ubuwazi ukuthi ungakwazi ukudlala istokofela sokuthenga izindlu, thola kabanzi ngokubukela le video.
#UkhozifmTV #UkhoziFM #NeliswaCele