Wake waya emcimbini wabuya ungawuvali umlomo, wabuya ungafisi lutho ngendlela enabusa ngayo noma wazisola ukuthi bewuyaphi ngenxa yendlala?
Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo uthole ithuba lokuba nengxoxo nowungoti ekuphatheni imicimbi uMbali Somana, bakhuluma ngokuhlela umcimbi.
UMbali usichazela kancono ngokubalulekile okumele ukunake uma uhlela noma uzoba nomcimbi.
Uphinde usilandisa ngokubaluleka ngokubheka isimo sezulu ukuze uzokwazi yini okumele uyigqoke ngosuku lomcimbi kanye nokubaluleka kokusebenzisa imibala ebekwe umnikazi womcimbi.
#UkhoziFMTV #UkhoziFM #SoftLife