Multimedia

Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo kanye no Neliswa Cele - Sithelo Shozi

Date: Jun 17, 2022

USithelo usichazela ngesigaba sempilo yakhe asekuso lapho asezithola ukuthi ungubani ngaphandle kokuba uDJ, umama kanye nosaziwayo.  

Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo kanye no Neliswa Cele, bathole ithuba lokuba nengxoxo nosaziwayo uDJ Sithelo Shozi.

Sikhule njengendlu emnyama sazi ukuthi uma ufisa ukwazi noma ukwazana nomuntu kancono, uyamumema nihlale phansi nixoxe. Lokhu sekufana nephupho esikhathini samanje ngoba abantu sebakholwa lokhu abakubona kubhalwe ezinkundleni zokuxhumana, isikhathi esiningi okungasilo iqiniso. Ingakho namhlanje uSiya no Neliswa bememe usaziwayo odume ngelika DJ Sithelo Shozi, ukuze bezomazi kancono.  

USithelo usichazela ngesigaba sempilo yakhe asekuso lapho asezithola ukuthi ungubani ngaphandle kokuba uDJ, umama kanye nosaziwayo.  

Usazisa ngomculo wakhe kanye nothando analo ngawo nokuthi ujabule kakhulu ngoba isimo sesinconywana, usekwazi nokuya eStudio asebenze. Kubalandeli bakhe, uthi bengalindela noma yini.  

Sithinta udaba lokuba ngumama njengoba enesifiso sokushiya ifa ezinganeni zakhe, njengoba avula i-Baby M. Uphinde ashuthe nezithombe uma kuneholidi noma kuwusuku olubalulekile ukuze lokho kuyoba yifa lezingane zakhe njengoba no mawakhe ayekwenza.  

#UkhoziFMTV #UkhoziFM #SitheloShozi

Comments

comments powered by Disqus

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...
Complementary Content
CLOSE

Your Name:*

Your Email:*

Your Message:*

Enter Captcha:*