Multimedia

Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo kanye no Neliswa Cele - Mbongeni Ngema (Sarafina Broadway Hit Musical)

Date: Jul 14, 2022

Usichazela nokuthi i-Sarafina iqhamukaphi, yaqhamuka kanjani kanye nomthelela enawo.  

Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo kanye no Neliswa Cele bathole ithuba lokuba nengxoxo ekhethekile nobaba uMbongeni Ngema, ongumbhali, umkhiqizi aphinde abe ngumqondisi. Kulengxoxo bakhuluma ngomdlalo weshashalazi i-Sarafina Broadway Hit Musical, ozolontshwa ngoLwesihlanu e-Playhouse eThekwini mhlaka 15 July 2022.

Ubaba uMbongeni Ngema osemnkantsh’ubovu kulendima usilandisa esingayilindela phakathi komdlalo kwe-Sarafina omdala kanye nalo omusha. Usichazela nokuthi i-Sarafina iqhamukaphi, yaqhamuka kanjani kanye nomthelela enawo.  

Sithole ithuba lokuhlangana no Delisile Gumbi ozobe edlala uSarafina. UDeli usilandisa ngesingakulindela kulomdlalo.

Ubaba uMbongeni Ngema usilandisa ngokunye okwakuyiqiniso okwavela kwi-Sarafina. Usichazela ngomehluko phakathi komlingisi oqale wadlala umdlalo wasesteji kanye nalo ovele afakwe kumabonakude.  

Kubalulekile ukwazi nokungakhohlwa ukuthi uphumaphi.

#UkhoziFMTV #UkhoziFM #Sarafina

Comments

comments powered by Disqus

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...
Complementary Content
CLOSE

Your Name:*

Your Email:*

Your Message:*

Enter Captcha:*