Multimedia

Ukhozi FM TV noNeliswa Cele: Thobeka Dhlomo

Date: Oct 18, 2023

Ukhozi FM TV: Uma uzifela ngezobuciko (Art) kanye nezobuntatheli uzosithokozela lesiqephu

UNeliswa Cele ongumethuli wohlelo Ukhozi FM TV uthole ithuba lokuvakashela uThobeka Dhlomo e-Rebirth Art Gallery okuyilapho oyakhona uma ufuna ukubona iExhibition okuwukukhangisa kobuciko njengezithombe ezidwetshiwe.

UThobeka usekwenze konke kulemboni kaqedisizungu, useke waba umsakazi kamabonakude nowomsakazo, unguDJ aphinde asebenze eMuseum. UThobeka uphinde asixoxele uqeqeshwe njengentatheli kanti uphinde abeyiciko. Usilandisa ngothando lwakhe kwezobuciko. UThobeka uthi uyintatheli ezimele. Ubonga iqhaza elibanjwe izinkundla zokuxhumana ekwenzeni umsebenzi wakhe njengentatheli ukuthi ubelula.

Kulesiqephu usixoxela nokuthi ungumama kumadodakazi akhe angamawele. UThobeka usixoxela nangezinto akholelwa ukuthi izona ezakha iciko. “Kubalulekile ukuzimisela entweni oyenzayo" kusho uThobeka.

Kuningi esikufunda kuThobeka kulesiqephu, thola kabanzi ngalokhu ngokubukela lesiqephu.

#ThobekaDhlomo #UkhoziFMTV #RebirthArtGalery

Comments

comments powered by Disqus

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...

ADVERTISEMENT

Multimedia

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...
Complementary Content
CLOSE

Your Name:*

Your Email:*

Your Message:*

Enter Captcha:*