Multimedia

Ukhozi FM TV - Inkulumo Mpikiswano

Date: Jul 26, 2022

Ukhozi FM lugubhe inyanga yentsha ngokumema izikole ezimbili ukuba zidingede udaba olubucayi mayelana nesifundo sezomlando, iSanti Secondary School kanye neSithengile High School.

Ukhozi FM lugubhe inyanga yentsha ngokumema izikole ezimbili ukuba zidingede udaba olubucayi mayelana nesifundo sezomlando, iSanti Secondary School kanye neSithengile High School.

UNhlangulana inyanga esibungaza noma esikhumbula ngayo umlando weqhaza negalelo labafundi bango-1976, belwela imfundo yengane yomuntu omnyama ukuthi ibengcono futhi ibesezingeni elifanelekile. Ngabe abantu abasha balesi-sikhathi, bayawazi yini umlando waseNingizimu Afrika kanye neqhaza onalo. Ingabe isifundo sezomlando kumele sibe yimpoqo ukuba wonke umfundi asenze.  

ISithengile High School ivumelana nesihloko esithi isifundo sezomlando kumele sibe yimpoqo, ukuba wonke umfundi asenze.

ISanti Secondary School iphikisana nesihloko esithi isifundo sezomlando kumele sibe yimpoqo, ukuba wonke umfundi asenze.

#UkhoziFM #UkhoziFMTV #InkulumoMpikiswano

Comments

comments powered by Disqus

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...

ADVERTISEMENT

Multimedia

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...
Complementary Content
CLOSE

Your Name:*

Your Email:*

Your Message:*

Enter Captcha:*