Jabulujule no Lady D kanye no Dkt John Kani.
UDkt John Kani usilandisa ngempilo yakhe nokuthi igama lika-John walithola kanjani njengoba igama lakhe lokuzalwa kungu-Bonisile.
Usithi fahla kancane ngomndeni wakhe, okuyizingane zakhe kanye nonkosikazi wakhe.
Usixoxela nangomdlalo wakhe i-Kunene and the King, kubalingisi kukhona uJack Morris owayenesifo esingalapheki okwakudingeka ukuba asizwe umhlengikazi omnyama ngokwebala.
Usilandisa nangezindondo ezimbili esezitholile ngenxa yomdlalo iKunene and the King.
#UkhoziFM #UkhoziFM62 #Jabulujule