Multimedia

Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo - Mzamo ‘Mtaka Moh’ Mngadi

Date: Jul 13, 2022

UMzamo usichazela ngaye kanye nezimo abadlula kuzo njengabantu abasebudlelwaneni nabantu bobulili obubodwa/obufanayo, ikakhulukazi emiphakathini, emasontweni nasemakhaya imbala.

Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo, othole ithuba lokuba nengxoxo no Mzamo ‘Mtaka Moh’ Mngadi oyisishoshovu se-LGBTQI+ aphinde abengu thisha. UMzamo usichazela ngaye kanye nezimo abadlula kuzo njengabantu abasebudlelwaneni nabantu bobulili obubodwa/obufanayo, ikakhulukazi emiphakathini, emasontweni nasemakhaya imbala.   

Usichazela ngokuthi ukuze ufike ekuzethembeni, uzamukele ubuwena kuthatha isikhathi, neminyaka njengoba udlula ekuhlukumezekeni okuningi. Njengoba ewuthisa ngokomsebenzi, usilandisa ngothando analo lwezingane. Uphinde asichazele ngokuthi yini eyenza umuntu abeyi-transgender nokuthi ufisa abantu befunde kabanzi nge-transgender.

Ufisa ukukhunjulwa njengomuntu owawalwela amalungelo akhe kanye neqiniso nangengoma ethi ‘I Was Here - Beyoncé’.   
#UkhoziFMTV #UkhoziFM62 #UkhoziFM

Comments

comments powered by Disqus

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...
Complementary Content
CLOSE

Your Name:*

Your Email:*

Your Message:*

Enter Captcha:*