Multimedia

Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo kanye no Neliswa Cele - Phephelani Zondi

Date: Jun 1, 2022

Namhlanje uPhephelani usichazela nge positive psychology egqugquzela impilonhle, ukuthula, injabulo kanye nokweneliseka.

Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo kanye no Neliswa, bathole ithuba lokukhuluma no Phephelani Zondi oyi-Counselling Psychologist. Bakhuluma nge psychology of happiness noma i-positive psychology. Sekwaziwa ukuthi uma udinga usizo mayelana nokulekeleleka ngokomqondo, usuke unenkinga thizeni noma ungaphili njengabantu bonke.

Namhlanje uPhephelani usichazela nge positive psychology egqugquzela impilonhle, ukuthula, injabulo kanye nokweneliseka.

Usichazela kabanzi nge positive psychology ukuthi ayizile ukuzosusa izinkinga kodwa noma izinkinga zingakhona, kumele ukhumbule nokukujabulisayo.

Ezinye zezinto eziholela kwimpilonhle, umuzwa wokuzamukela ubuwena, umuzwa wokuziphathela impilo yakho uphinde uyihlele, ukukwazi ukuphilisana nabantu kanye nokunye.

Usiphendulela nokuthi uma uwumuntu onalenkinga yokuthi ‘abantu bazothini’ ubhekana kanjani naleso simo.

#UkhoziFMTV #UkhoziFM #UkhoziFM62

Comments

comments powered by Disqus

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...
Complementary Content
CLOSE

Your Name:*

Your Email:*

Your Message:*

Enter Captcha:*