Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo, lukwethulela ingxoxo ekhethekile no Dokotela Lerato Ndlovu ophuma e-Africa Health Research Institute (AHRI). Kule ngxoxo uSiya no Dokotela Lerato unguchwepheshe we-TB, bakhuluma ngesifo sofuba i-TB (Tuberculosis).
Njengoba kusebusika nje nesifo soKhuvethe sidla amagalane, uyacelwa ukuba uma ukhwehlela usheshe uthole usizo. Noma ngabe awunazo zonke izimpawu ezikhombisa ukuthi unoKhuvethe kodwa uyacelwa ukuba uvakashele eMtholampilo, ukuze ube nesiqiniseko sokuthi awunaso isifo sofuba kanye noKhuvethe.
UDokotela usichazela kabanzi ngesifo sofuba nokubaluleka kokudla imishanguzo yakho ngendlela ukuze uzolapheka. Uphinde anabe ngezindlela ezahlukahlukene ongathola ngazo lesi sifo.
Usichazela kabanzi ngezinhlobonhlobo zesifo sofuba kanye nokubaluleka kokuvakashela uMtholampilo.
Qinisekisa ukuthi ihlanzekile indawo ohleli kuyo futhi amafastela avuliwe ukusiza ukwehlisa izinga lokuthola lesifo.
#UkhoziFMTV #UkhoziFM #TBAwareness