News

Winnie Mahlangu Female Presenter Search

Date: Jul 20, 2022

#ImbokodoInamandla

Ukhozi FM lukwethulela umkhankaso wokuhlonipha iqhawekazi kwezomsakazo kwabamnyama, umafungwase umama uWinnie Mahlangu nangonyaka ka-2022.

Umsakazo wakho ohamba phambili uyaqhubeka nokunikeza abesifazane ithuba kwezokusakaza njengendlela yokubungaza abesifazane ababambe iqhaza kwezomsakazo.

Simema owesifazane onekhono lokusakaza ngolimi lwesiZulu, nonolwazi ngokusakaza izinhlelo ezahlukene.

Sithumele iDemo yakho usakaza ngesiZulu ungeqi emizuzwini emibili ku winnie@ukhozifm.co.za. Ukwamukelwa kwamaDemo kuzovalwa mhlaka 25 July 2022 phakathi kwamabili. Kuzohlungwa kwabalandele imigomo kanti lomkhankaso uvuleke kuphela kwabesifazane.

Umsakazi ophumelele angazithola esewine uR20 000.00 kanye nenkontileka yonyaka noKhozi FM .

Kunemigomo nemibandela. Ukhozi FM luhamba phambili.

#ImbokodoInamandla #UkhoziFM62


Sebeqokiwe abathathu abazoqhudelana kwisigaba sesonto lokuqala lomkhankaso wokuhlonipha uWinnie Mahlangu, uwena mlaleli ijaji elikhulu, ungavotela lowo omuzwa ngaphakathi.

Ukuvota thumela iSMS ku-33665 ulandelise ngegama elithi WINNIE nohlamvu oluqondene nalowo omkhethayo.

Ulayini uyavalwa ngolwesine ngo3 ntambamba, ungavota uphindelele ngoba nawe ungazithola usuhlomula ngo R5000 ngokuvota kwakho kanti isms Ibiza UR1.50 kunemigomo nemibandela.
 

Comments

comments powered by Disqus

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...
Complementary Content
CLOSE

Your Name:*

Your Email:*

Your Message:*

Enter Captcha:*