News

Lala uphumule baba uScelo Mbokazi

Date: Jun 16, 2022

Sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula, uyibekile induku ebandla. Sithi dudu emndenini wakhe, lala uphumule Donda, Magembe.  

Sigqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni obengomunye wethu kuKhozi FM, ubaba uScelo Mbokazi.  

UScelo Mbokazi obedume ngelika “Mbhishobhi Omkhulu” obengumfundi wezindaba kuKhozi FM, osishiye emhlabeni ngoLwesihlanu ziwu-10 kuNhlangulana 2022. Uzofihlwa ngoMgqibelo mhlaka-18 kuNhlangulana 2022, emzini wakhe oseMangethe KwaNgqofela.

Ubaba uScelo Mbokazi ubese sebenze iminyaka engaphezulu kweyishumi emsakazweni Ukhozi FM. Ubenamahlaya futhi ewuthanda nomsebenzi wakhe, okugcine sekuheha nabaningi kulo mkhakha wokufundwa kwezindaba.  

Sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula, uyibekile induku ebandla.

Sithi dudu emndenini wakhe, lala uphumule Donda, Magembe.  

#RIPSceloMbokazi #UkhoziFM #UkhoziFMTV

Comments

comments powered by Disqus

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...

ADVERTISEMENT

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...
Complementary Content
CLOSE

Your Name:*

Your Email:*

Your Message:*

Enter Captcha:*