Ukhozi FM luhalalisela umdidiyeli wohlelo iVuka Afrika Breakfast Show (VABS) uMroza uNonhlanhla Buthelezi, obethweswa iziqu ze-Postgraduate Diploma- Project Management esikhungweni esiphakeme, i-Regent Business School. UMroza odabuka endaweni yase-Gingindlovu, eDokodweni.
“Bekuyisifiso sami sakudala ukuthi ngelinye ilanga ngigqoke ijazi, ngithe uma ngiqeda ukuqhuba abafowethu esikoleni ngase ngiqala nami. Nginentshisekelo ngabantu basemakhaya ngoba nami ngidabuka khona, ngifisa bazi ukuthi izinto ziyenzeka uma uzimisele.’’ Usilandisa ngokuthi wayehlala ekubukela njengento ekude ukugqoka ijazi kepha ekulangazelela. Uthi abantu basemakhaya kumele bangazenyezi ngokuthi basuka ezindaweni zasemakhaya, ukuze kugqugquzeleke nabanye.
Uthi izifundo zakhe zihambisana nothando analo lokuthuthukisa umphakathi. Ubonga kakhulu uMphathi wesiteshi soKhozi FM, uSbongi Ngcobo, owambona ukuthi unothando lokuthuthukisa abantu, wabe esemgqugquzela.
Trenda ngemfundo yakho ngoba #ImfundoIyadlisa