How to enter

Phakamisa isifundazwe sakho ngokuqopha ingoma eqwashisa ngokuphepha emgwaqeni, ingeqi emzuzwini emithathu ibeyi-Mp3, bese uyithumela ku musicindaba@ukhozifm.co.za

Ukhozi FM Music Indaba: Eastern Cape

Start date | 2024-10-01 00:00:00

Closing date | 2024-10-04 12:00:00

Molweni Eastern Cape Ukhozi FM Music Indaba igalelekile!
Ukhozi FM lubambisene nabakwa SAMRO kanye ne Buffalo City Municipality ngomhlaka 4 ku-Mfumfu 2024 bazobe bese Eastern Cape Audio Visual Centre eyaziwa nge Miriam Makeba Hall.
Ukhozi FM Music Indaba izobe ivuleleke kuwo wonke umuntu okubalwa amaciko asekhona endimeni yezomculo nabasafisa ukungena.
Nanti ithuba lakho lokuwina u-R25 000,00!!!
Phakamisa isifundazwe sakho ngokuqopha ingoma eqwashisa ngokuphepha emgwaqeni, ingeqi emzuzwini emithathu ibeyi-Mp3, bese uyithumela ku musicindaba@ukhozifm.co.za
Uma usuthumela i-email yakho, nakhu okumele ukwenze:
– Kwi Subject, bhala isifundazwe ophuma kuso
– Ufake ingoma yakho eyi Mp3
– Bese ubhala iminingwane yakho ye ID, inombolo yocingo, ikheli lakho kanye namagama akho aphelele nesibongo.
Odle umhlanganiso kulomncintiswano uzothola isamba sika R25 000.00 aphinde athole ithuba lokuthi ingoma yakhe iqoshwe ngokuphelele ngaphansi kwe KZN Music House.
Ukhozi FM Luhamba Phambili!
Like or share competition