How to enter

Phakamisa isifundazwe sakho ngokuqopha ingoma eqwashisa ngokuphepha emgwaqeni, ingeqi emzuzwini emithathu ibeyi-Mp3, bese uyithumela ku musicindaba@ukhozifm.co.za

Ukhozi FM Music Indaba: KwaZulu Natal

Start date | 2024-10-01 00:00:00

Closing date | 2024-10-25 12:00:00

Sanibonani KZN, Ukhozi FM Music Indaba isifikile!!!
Ukhozi FM Lubambisene nabakwa SAMRO ngomhlaka 25 ku-Mfumfu 2024 bazobe bese-Golden Horse Casino, e-Pietermaritzburg.
Ukhozi FM Music Indaba izobe ivuleleke kuwo wonke amaciko asekhona endimeni yezomculo nabasafisa ukungena. Umcimbi uqala ngo 11h00 futhi kungenwa mahala.
Phakamisa isifundazwe sakho ngokuqopha ingoma eqwashisa ngokuphepha emgaqweni, ingeqi emzuzwini emithathu ibeyi-Mp3, bese uyithumela ku musicindaba@ukhozifm.co.za.
Uma usuthumela i-email yakho, nakhu okumele ukwenze:
– Kwi Subject, Bhala isifundazwe ophuma kuso
– Ufake ingoma yakho eyi Mp3
– Bese ubhala iminingwane yakho ye ID, inombolo yocingo, ikheli lakho kanye namagama akho aphelele nesibongo.
Odle umhlanganiso kulomncintiswano uzothola isamba sika R25 000,00 aphinde athole ithuba lokuthi ingoma yakhe iqoshwe ngokuphelele ngaphansi kwe KZN Music House.
Ukuxhasa umculo wasekhaya ukuthuthukisa izwe lethu
Ukhozi fm Music Indaba uyilethelwa ngezilokotho ezinhle aabakwa SAMRO kanye noKhozi FM
Ukhozi FM Luhamba Phambili
Like or share competition