How to enter

Phakamisa isifundazwe sakho ngokuqopha ingoma eqwashisa ngokuphepha emgwaqeni, ingeqi emzuzwini emithathu ibeyi-Mp3, bese uyithumela ku musicindaba@ukhozifm.co.za

Ukhozi FM Music Indaba: Mpumalanga

Start date | 2024-10-01 00:00:00

Closing date | 2024-10-11 12:00:00

Nina Bekunene, Ukhozi FM Music Indaba isifikile!!
Ukhozi FM lubambisene nabakwa SAMRO, ngomhlaka 11 ku-Mfumfu 2024 bazobe bese-The Ridge Hotel, eMpumalanga.
Ukhozi FM Music Indaba izobe ivuleleke kuwo wonke amaciko asekhona endimeni yezomculo nabasafisa ukungena. Umcimbi uqala ngo 12h00 futhi kungenwa mahhala.
Phakamisa isifundazwe sakho ngokuqopha ingoma eqwashisa ngokuphepha emgaqweni, ingeqi emizuzwini emithathu ibeyi-Mp3, bese uyithumela ku musicindaba@ukhozifm.co.za.
Uma usuthumela I e-mail yakho, nakhu okumele ukwenze:
– Kwi Subject, bhala isifundazwe ophuma kuso
– Ufake ingoma yakho eyi Mp3
– Bese ubhala iminingwane yakho ye ID, inombolo yocingo, ikheli lakho kanye namagama akho aphelele nesibongo
Odle umhlanganiso kulomncintiswano uzothola isamba sika R25 000.00 aphinde athole ithuba lokuthi ingoma yakhe iqoshwe ngokuphelele ngaphansi kwe KZN Music House.
Ukhozi FM Music Indaba ivuleleke kuwo wonke umuntu futhi kungenwa mahhala.
Ukhozi FM Luhamba Phambili!
Like or share competition