I-Dundee July Experience ingomunye wemicimbi emikhulu yezokungcebeleka, ezomculo nezokuxhumana eNyakatho yeKwaZulu-Natal. Imicimbi efana ne-Dundee July Experience iletha izivakashi ezivela ezindaweni ezahlukene, okukhuphula amathuba ebhizinisi kubadayisi bendawo, izindawo zokulala, izindawo zokudlela, abathengisi basemgwaqweni, osomabhizinisi abasafufusa kanye nabahlinzeki bezinsiza.

Lo mcimbi awugcini ngokuletha ezokuzijabulisa kuphela, kodwa futhi uba yithuba lokwakha ubudlelwano, ukukhulisa amabhizinisi nokugqugquzela intuthuko.

Thokozela lesi siqephu, ubone konke obekwenzeka kweyalonyaka i-Dundee July Experience.

Izinga beliphezulu kakhulu!

#UkhoziFMTV #UkhoziFM #DundeeJulyExperience #AmatholeFunerals

Like or share