[Ukhozi FM TV] Uma uzithandela ezeshashalazi, ngeke ungamazi uMenzi Biyela njengoba esedlale ezindaweni eziningi kumabonakude kanye nase theatre kuleli.
UNeliswa Cele oshayela uhlelo Ukhozi FM TV uthole ithuba lokuxoxa noMenzi Biyela oyiciko njengoba engumlingisi aphinde abengumculi.
Abanye bamazela kumdlalo Uzalo lapho abedlala indawo khona ka-Pastor Gwala. Kulengxoxo uMenzi usixoxela ngokuthi akasiye umlingisi nje kuphela kodwa uphinde abengumculi futhi.
Uyingxenye yeqembu lomculo elibizwa ngokuthi i-The New Sound of SA. Kule-video usilandisa kabanzi ngakho konke lokhu kanye nokunye okuningi.
Thokozela isiqephu sethu ngokubukela le-video.
#UkhoziFM63 #UkhoziFMTV #Uzalo #TheNewSoundofSA