Ukhozi FM beluhambele izikole ezahlukahlukene ngomkhankaso owaziwa ngokuthi Ukhozi FM Back To School okungumkhankaso wokuvakashela izikole ezahlukahlukene.
Ukhozi FM Back To School 2025 uyethulelwa abakwa-Hollywood Foundation.
Ukhozi FM lubambisene ne Hollywood Foundation bebevakashele izikole lapho abafundi abayinkulungwane namakhulu amahlanu belekelelwa ngomfaniswano wesikole olinganiselwe ku R300 000
Ngomhlaka 22 ku Masingana 2025, besivakashele Ebendle Primary School, e-Sonqoba Primary School, kanye nase Thekelimfundo Primary School eDokodweni
Ukhozi FM luthi #ImfundoIyadlisa
Ukhozi FM Back To School 2025 niyilethelwa ngokubambisana ne-Hollywood Foundation
#UkhoziFMTV #UkhoziFM #TrendaNgemfundoYakho