Abaphathi, abadidyeli bezinhlelo kanye nabasakazi bomsakazo Ukhozi FM bebehlangene eHiltop Resort, eHluhluwe mhlaka 27-30 kuMfumfu 2025 njengoba kade kune-Half Year Review yomsakazo Ukhozi FM yonyaka ka-2025/2026.
Le ngqungquthela yenzeka minyaka yonke, lapho abasakazi, abadidiyeli bezinhlelo nabaphathi bomsakazo Ukhozi FM kanye nabaphathi base-SABC besuke bebheka izinhlelo zasemoyeni ngokuhlukahlukana kwazo, ukubona ukuthi ikuphi lapho okumele umsakazo uqinise khona ukuze uzoqhubeka ube isiteshi esihamba phambili futhi esiletha ulwazi oluseqophelweni eliphezulu kubalaleli baso.
Ukhozi FM Luhamba Phambili!
#UkhoziFM