Uhlelo #SigiyaNgengoma lukwethulela #Indishi lapho luzolekelela intombi engenawo amandla anele ukwenza umcimbi womemulo.
Lo mcimbi ubungomhlaka 11 kuMfumfu 2025 ezindlini zomsakazo eSABC M1 Studios, nokuyilapho okwamenyezelwa izintombi ezimbili ezizoshayelwa Indishi, okwaba uSinethemba Gcwensa kanye noKhanyisile Zungu.
Bekukuhle kudelile ezindlini zomsakazo ngoMgqibelo njengoba kade kunomcimbi we-#Indishi. Lo mcimbi ubuhanjelwe uNgqongqoshe woMnyango Wezemidlalo, ezobuCiko namaSiko Kwa-Zulu Natali uMnu Mtomuhle Khawula, nokuyilapho anikela ngo-R20 000 entombini ngayinye.
Zigqaje ngobuntombi bakho!
#SigiyaNgengoma #Indishi #UkhoziFM