Ithimba lomsakazo Ukhozi FM beluhlanganele eBandla Hotel eBallito izinsuku ezintathu lapho kade kune-Programming Strategy Sesson yomsakazo Ukhozi FM. Lapho kade kudingidwa khona futhi kuboniswana ngonyaka wezimali omusha emsakazweni unyaka ka 2025/2026.

Kulomhlangano bekudingidwa izinhlelo ezintsha ezizo zwakala emoyeni kusukela ngenyanga ka-Mbasa (April). Besihambisana nabakwa-KZN Tourism And Film abasikhipha basikhombisa ubuhle besifundazwe saKwa-Zulu Natali. Savakashela indawo yesikhumbuzo seNkosi uAlbert Luthuli KwaDukuza, okuyindawo enhle kakhulu futhi ejiyile ngomlando wakhe.

Thamela lesiqephu uzibonele konke obekwenzeka eBandla Hotel, eBallito

#UkhoziFMTV #UkhoziFM #eBandleHotel #KZNTourismAndFilm #UkhoziFMProgrammingStrategySession2025

Like or share