Ukhozi FM TV lwathola ithuba lokuyibona amazwibela omdlalo omusha ozayo ku SABC 1 othi Amalanga Awafani ozoqala ngomhla zingama -8 kwephezulu ngo 18:30.
Lona kwaba umcimbi oseqophelweni eliphezulu, kunezihambeli eziphezulu zaseThekwini osaziwayo nontandakubukwa bendawo. Kwakukhona nabaphathi bonke bakwa SABC bezobungaza lomdlalo omusha.
#AmalangaAwafani #UkhoziFMTV #UkhoziFM #SABC1