Uma ungowase Ningizimu Afrika, uyawazi umlando awuphelele uma singakhulumanga ngegama lika Tata uNelson Rolihlahla Mandela. Kulesiqeshana, Ukhozi FM TV beluvakashele ekhaya lakhe lakudala eseliphendulwe isigcina magugu (Museum) lapho wonke umuntu avumelekile ukuthi ayekhona, ayobona futhi efunde kabanzi ngempilo kaTata esahlala enombolo 8115 Vilakazi Street eSoweto, okuyilapho ahlanganisela khona onke amacebo akhe nobuhlakani bokukhulula iNingizimu Afrika ngaphansi kwesandla sahulumeni wobandlululo.

Kulesiqephu uMuzi uxoxisana noNozipho Ndlovu osebenza khona lapha eNelson Mandela National Museum, obesilandisa kabanzi ngomlando ka Tata uNelson Mandela.

#UkhoziFMTV #NelsonMandela #NelsonMandelaMuseum #NoziphoNdlovu #isikoLamiIsikoLakho #UkhoziFM #30YearsofDemocracy

Like or share