Ukhozi FM TV belusendaweni yase-Elandskop epulazini leqembu labafana abazibiza ngokuthi bayi-Big 5 Agrics.I- Big 5 Agrics yinkampani ephethwe ngabalingani abahlanu (5) ababenza uMatikuletsheni ngo-2023 eWeston Agricultural College.

Iqembu le-Big 5 Agrics lihlanganisa uMawande Mbhele, uNelisa Sithole, uKhanya Makhathini, uSikahle Nxumalo kanye noMsizi Mlambo Kulesiqephu i-Big G Agrics isixoxela ukuthi yahlangana kanjani nokuthi yini abafisa okuyizuza njengeqembu le-Big 5 Agrics.

Ukhozi FM TV lulihambe lonke ipulazi le Big 5 Agrics, lafunda kabanzi ngaleliqembu.

Kulengxoxo sifunda kabanzi ngomsebenzi osabamele ukuthi bethuthukise lelipulazi futhi bengene khaxa endimeni yezolimo. Uma uzifela ngezolimo, uzosithokozela lesiqephu.

Funda kabanzi ngokwenziwa i-Big 5 Agrics kulesiqephu

#UkhoziFMTV #UkhoziFM #Big5Agrics #UkhoziFM64 #Agriculture #Ezolimo

Like or share