Ukhozi FM TV lubenengxoxo nengqalabutho yosomahlaya wesifazane uCeleste Ntuli. Kulenyanga ka-Ncwaba sizimisele ukuqhakambisa abantu besifazane abenza kahle endimeni abasebenza kuyo.

Kulesiqephu simazi kangcono uCeleste, ukukhula kwakhe kanti futhi sihleke saze sayophela lesiqephu, ngempela uCeleste ungusomahlaya.

Kulengxoxo usilandisa nange show yakhe azoyenza eICC ebizwa ngokuthi “Celeste and the big dudes”, engomhlaka 11 August 2024. Thokozela lesiqephu

#UkhoziFMTV #CelesteNtuli #ImbokodoInamandla #CelesteandtheBigDudes #UkhoziFM

Like or share