Siqala nje inyanga yeNkululeko eNingizimu Afrika, sibheka indawo ekuthiwa i-Eyethu Lifestyle eSoweto ekwakuyi Cinema yokuqala yabantu bebala elinsundu eyakhiwa uMnu kanye no Nkk Tshabalala ngo 1969 ukuze nabantu bebala babe nendawo kaqedisizungu. Kanti futhi kwakune kiddies play center, lapho izingane zendawo ezaziya khona ngezimpelasonto nantambama ziyobukela ama bioscope ukuze zizovikeleka kokwakwenzeka ngaphandle. Okuyilapho eziningi ezafunda khona uthando lwendima ka qedisizungu.

I-Eyethu Cinema, manje isiyingxenye ye-Eyethu Shopping Centre Precinct, yasungulwa uMnu Ephraim Batana Tshabalala kanye noNkk Caroline Kinini Tshabalala. Lesi sakhiwo esiyingqophamlando sinegugu elikhulu eSoweto.

#EyethuCinema #UkhoziFMTV #UkhoziFM

Like or share