Inyanga ka Zibandlela yinyanga lapha eNingizimu Afrika yokuqwashisa ngegciwane lesandulela ngculaza nengculaza uqobo lwayo. Ukhozi FM TV lwabanegxoxo ekhethekile nomunye wabasenzi abasebenzela inkampani engenzi nzuzo (NGO), uSizwe Hlongwane owasilandisa kabanzi ngesimo sengculaza kanye nesandulela ngculaza salapha eNingizimu Afrika.
Izinombolo zabantu abaphila nalesifo ziphezulu kakhulu kanti izwe laseNingizimu Afrika lihamba phambili ngalolubhubhane, kanti uhulumeni unenjongo yokuliqeda nya leligciwane ngo 2030.
Thamela lesiqephu esiphinde sigxile siphinde sifundise ngokusoka kubantu besilisa.
#UkhoziFMTV #HIV/AIDS #MaleCircumcision #UkhoziCares #UkhoziFM