Ukhozi FM TV luthole ithuba lokuthamela umcimbi okwakungu mcimbi wokuqala ngqa uhlelo Igida Ngoma okuyifilimu ekhuluma ngezinganekwane zamagida ngoma. Amagida ngoma ngabantu laba oke ubabone begidela abaculi baka Maskandi, ukube uMaskandi waba yileminye imhlobo yomculo, ngabe labantu sithi abadansi, laba abahamba nomculi.

Amagida ngoma abantu abanosiko mpilo lwabo, ngoba kubo ukugida ndlela yempilo, kuwumdlalo abawuthandayo, njengoba ezinye izingane zidlala ibhola nje, bona bagida ingoma.

Lomcimbi owaqopha umlando njengoba kwakungokokuqala ngqa loluhlobo lwe filimu lubonaka eCimena, iCenema eyaziwa kakhulu njengendawo eke ibukise imbukiso yaphesheya.

#UkhoziFMTV #Amagidangoma #UkhoziFM64 #30YearsOfDemocracy

Like or share