Ukhozi FM TV lukwethulela isiqephu somcimbi wokuklonyeliswa kwabadlali bezemidlalo ehlukahlukene esifundazweni saKwa-Zulu Natali, kuma KZN Sports Awards .
Lomcimbi bewuhanjelwe iziphathimandla ezahlukene lapho okubalwa khona uNdunankulu waKwa-Zulu Natali uMnu Ntuli, uNgqongqoshe Wezemidlalo, amaCiko namaSiko Kwa-Zulu Natali uMnu Mtomuhle Khawula kanye nabanye.
Babephume ngobuningi babo abadlali base KZN, beswenkile, bethola izindondo nemiklomelo eyahlukahlukene.
Thamela lesiqephu ubone konke obekwenzeka kuma-KZN Sport Awards 2024
#UkhoziFMTV #KZNSportAwards #UkhoziFM64 #30YearsOfDemocracy #NyusiVolumeNoKhoziFM #Jabuluzibheke