Kulesiqephu sinesihambeli sethu esiqavile uMam’uMbongwa, ozwakala kakhulu ohlelweni i-Dankie 1223, enza lesiqeshana esithi “Kubamb’Ezingelayo” lapho efundisa khona abantu base Ningizimu Afrika ukufesa, uyaqwashisa ngokumele ukwenze nokungamele ukwenza uma ufuna umsebenzi.
Kulesiqephu, uqhubeka lapho ngomsebenzi wakhe wokufundisa abantu abasha kakhulukazi ukuthi izilungiselela kanjani uma ufuna ukuqashwa, futhi ubhalisa kanjani, namaphepha afakwayo. UMam’uMbongwa we-Dorka Career Consulting, useshintshe izimpilo zabantu abaningi ebafundisa indlela yokuziphatha uma ufuna umsebenzi, ephinde ekhiphe futhi amathuba emisebenzi emoyeni.
Uma usanemibuzo ngokuqashwa nokugcwaliswa kwamaphepha okufesa, phuthuma uyolalela ama podcasts omsakazo, uwabheke ngaphansi kohlelo i-Dankie 1223.
#UkhoziFMTV #MamuMbongwa #Dankie1223 #KubambaEzingelayo #UkhoziFM