Inyanga ka Mandulo, inyanga esiqhakambisa ngayo amasiko ethu njengezizwe ezahlukahlukene.

Amasiko akho awusoze uwazi uma ungawazi umlando wakho, umlando wakini no mlando wesizwe sakini. Isihambeli sethu sanamhlanje uNhlakanipho Zulu oyinzululwazi ngezomlando. UNhlakanipho usengumuntu omusha kodwa ozihluphile ngomlando waseNingizimu Afrika.

UNhlakanipho waqeda i-Bachelor of Arts in Development Studies ngo-2021 kanye neBachelor of Arts in African studies ngo-2022 eNyuvesi yase Johannesburg. Njengamanje wenza iziqu zeMasters kwi history eNyuvesi yase Johannesburg, egxile kwi (History of communal policing initiatives and criminal gangs.) Usebenza njenge tutor yezomlando (history) eMnyangweni Wezomlando waseNyuvesi yase Johannesburg futhi uhlela ukwenza izifundo ze PhD (History) ngonyaka ozayo.

#UkhoziFM #Nhlakanipho #History #Umlando #30YearsOfDemocracy

Like or share