UAubrey Qwana udume kakhulu ngengoma yakhe ethi ‘Ngaqonywa’ okwakuyingoma yakhe yokuqala ngqa futhi eyamenzela udumo olukhulu eNingizimu Afrika. Uma kukhulunywa ngeciko kusuke kukhulunyulwa ngo-Aubrey Qwana. Ngaphandle kokuba umculi uAubrey uyabhala, uyadweba aphinde abemningi kwezemfashini.
UNeliswa Cele oshayela uhlelo Ukhozi FM TV uthole ithuba lokuba nengxoxo nomculi uAubrey Qwana. Kulesiqephu uAubrey usilandisa ngohambo lwakhe kwezomculo nangohlobo lomculo alwenzayo. Usixoxela ukuthi wenza iGraphic Design eNyuvesi wasebenza njengeJunior Designer okwenza akawazi ukuzenzela ama-Cover ezingoma zakhe. ‘Into yomculo yangifikela njengokuba i-Step Father, yangizuma” kusho uAubrey.
Usilandisa ngabantu akasondelene nabo lapho okubalwa khona i-Blaq Diamond okuyiyona eyamgqqugquzela ukuthi azenzele izingoma zakhe engahlezi e-‘Behind the scene’.
Usixoxela ukuthi wake waxoshwa umfowabo, elala nasemgwaqeni kodwa kwabakhona umngani wakhe owamzwela, wathi akazohlala naye, wamgqugquzela ukuthi afunde. Okubuhlungu ukuthi osewasishiya emhlabeni.
Uthi i-Album yakhe asanda kuyikhipha ethi ‘Mkabayi’ uyenzele umama wakhe owamushiya emhlabeni esaneminyaka engu-11. UAubrey uthi ufisa abantu bemazi njengomuntu ozigqajayo ngobuyena.
#AubreyQwana #Mkabayi #UkhoziFMTV #UkhoziFM #Ngaqonywa
UAubrey Qwana udume kakhulu ngengoma yakhe ethi 'Ngaqonywa' okwakuyingoma yakhe yokuqala ngqa futhi eyamenzela udumo olukhulu eNingizimu Afrika. Uma kukhulunywa ngeciko kusuke kukhulunyulwa ngo-Aubrey Qwana. Ngaphandle kokuba umculi uAubrey uyabhala, uyadweba aphinde abemningi kwezemfashini. UNeliswa Cele oshayela uhlelo Ukhozi FM TV uthole ithuba lokuba nengxoxo nomculi uAubrey Qwana. Kulesiqephu uAubrey usilandisa ngohambo lwakhe kwezomculo nangohlobo lomculo alwenzayo. Usixoxela ukuthi wenza iGraphic Design eNyuvesi wasebenza njengeJunior Designer okwenza akawazi ukuzenzela ama-Cover ezingoma zakhe. 'Into yomculo yangifikela njengokuba i-Step Father, yangizuma" kusho uAubrey. Usilandisa ngabantu akasondelene nabo lapho okubalwa khona i-Blaq Diamond okuyiyona eyamgqqugquzela ukuthi azenzele izingoma zakhe engahlezi e-'Behind the scene'. Usixoxela ukuthi wake waxoshwa umfowabo, elala nasemgwaqeni kodwa kwabakhona umngani wakhe owamzwela, wathi akazohlala naye, wamgqugquzela ukuthi afunde. Okubuhlungu ukuthi osewasishiya emhlabeni. Uthi i-Album yakhe asanda kuyikhipha ethi 'Mkabayi' uyenzele umama wakhe owamushiya emhlabeni esaneminyaka engu-11. UAubrey uthi ufisa abantu bemazi njengomuntu ozigqajayo ngobuyena. #AubreyQwana #Mkabayi #UkhoziFMTV #UkhoziFM #Ngaqonywa