Ukhozi FM TV lube nenhlanhla yovakashelwa umbhali wezingoma uLinda Gcwensa. ULinda uphinde abengumculi naye, kodwa udume kakhulu njengomuntu obhalela abanye abaculi izingoma. Kulengxoxo uNeliswa Cele noLinda bakhuluma ngohambo lukaLinda kusukela engena emculweni kuze kube yimanje.

ULinda owaduma kakhulu ngengoma yakhe ethi “Ngam’thanda umuntu” kanti uphinde abengumbhali wezingoma ezifana noMthande, Sokwenzenjani, Amapleya, Ngifuna lo, Ngiyakuthanda nezinye eziningi. Lezingoma esizibablile ezabaculi abaningi abahlukene njengo Musa, Robbie Malinga no Naima Kay kanye nabanye.

Kulesiqephu uLinda usilandisa ngothando lwakhe lomculo. Usizozela nokuthi kwake kwabanesikhathi lapho abazali bakhe bengamukhulumisi ngoba babengakholelwa ukuthi umculo uzomsebenzela. ULinda usixoxela nangengoma yakhe ethi “Kukude emathandweni” ethandwa abaningi, eyingxenye ye-Album yakhe ayikhiphe kulonyaka mhlaka 18 kuNcwaba 2023.

Thokozela lesiqephu ngokubukela le-video.

#LindaGcwensa #UkhoziFMTV #UkhoziFM #KukudeEmathandweni #NgamthandaUmuntu

Ukhozi FM TV beluvakashelwe uLinda ongumculi wengoma eyaduma kakhulu ethi ‘Ngam’thanda umuntu’

Like or share