Ukhozi FM TV belukavashelwe uMxolisi Luke Mkhize owaziwa kakhulu ngomsebenzi wakhe wokusika ingqephu. UMxolisi unenkampani ebizwa ngokuthi i-House of St. Luke okuyigama elikhulu kakhulu kwezemfashini.
UMxolisi usilandisa kabanzi ngokukhula kwahle eMlazi nangokuthi wangena kanjani endimeni yezemfashini, ukuhamba amazwe kanye nange show yakhe, esibuya kuyo ngempelasonto.
Inkampani kaMxolisi i-House of St.Luke ibibungaza iminyaka eyishumi nambili ibambisene neDurban Fashion Fair mhlaka zingama-23 kuMandulo 2023, e-Amphitheatre eThekwini.
#HSL #UkhoziFMTV #UkhoziFM