Ukhozi FM TV beluvakashelwe uSimunye Church boy Sikhakhane odume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngetemu elithi “Ncaaa nkosi”. UChurch boy kulengxoxo usilandisa ngokukhula kwakhe kanye nokuqala kwakhe kumkhakha wezamahlaya.
Kulesiqephu sithola ukuthi yena ungumuntu onamahloni isikhathi esiningi okwenza abantu bezitshele ukuthi uyaqhenya, kanti cha. Uphinde asilandise ngencwadi yakhe ayibhalile ebizwa ngokuthi “Rehabilitating Christians”.
UChurch boy ungubaba oshadile, ongumshumayeli aphinde abengusomahlaya. Usixoxela ukuthi ukwenza kanjani konke lokhu. Ubonga nothando aluthola kubalandeli bakhe.
#UkhoziFMTV #UkhoziFM63 #SimunyeChurchboy