Kulonyaka Ukhozi FM lubungaze lolusuku ngokuvakashela indawo ehlala izingane ezihlukumezekile, nezingenawo amakhaya endaweni yaseMsahweni eningizimu yeTheku.
Usuku lwango mhlaka 18 kuNtulikazi usuku olubalulekile futhi olubungazwa minyaka yonke eNingizimu Afrika. Lolu usuku lokuzalwa lwalo owayenguMongameli uNelson Mandela, usuku oluqhakambiswa kakhulu eNingizimu Afrika.
Lolusuku lubungazwa ngendlela ehlukile ukunezinye izinsuku, egquqguzela ukwenza okuhle imizuzu engu-#67Minutes. Ungalubungaza noma ingayiphi indlela inqobo ukwenza umehluko, okungaba ukufukula abahlwempu, ukuvakashela ikhaya labantwana, njll.
Lolusuku lubungazwa ngalendlela nje ngenxa kaMongameli wokuqala wentando yeningi uNelson Mandela, owasifundisa ngobuntu (UBUNTU) Ukhozi FM lubambisene neHollywood Foundation
#MandelaDay #18July #67Minutes #UkhoziFM #HollywoodFoundation #Ubuntu

