Ukhozi FM TV lwathola ithuba lokuyothamela umcimbi wamaciko akhubazekile obizwa ngokuthi yi “We can arts festival” lapho amaciko akhubazekile ekhombisa khona ubuciko babo ngokuhlukahlukana; abanye becula, bedansa, besho nezinkondlo.
Ukhozi FM yisteshi esiqhakambisa abantu abakhubazekile, kunanonohlelo okuthiwa yi Disability 360, okuyilapho olufukula luphinde lubungaze abantu bakithi abakhubazekile.
Thamela lesiqephu ubone ubuhle bamaciko, eshiyelana inkundla.
#UkhoziFMTV #WeCanArtsFestival #Disability360 #UkhoziFM